Skip to main content Scroll Top

Gap Year 101 (IsiZulu)

Siyakuhalalisela! Usuze wawuqeda umatikuletsheni noma iziqu zakho! Manje usufinyelele kwingqopha-mlando enkulu. Manje yikuphi okuzolandela? Kungani ungathathi unyaka wekhefu?

Kuchaza ukuthini ukuthatha ikhefu ezifundweni zakho?

Ukuthatha ikhefu ezifundweni zakho, noma i-gap year, njengoba kushiwo ngesiNgisi, kuyinto esiqala ukujwayeleka. Uma uzwa lokhu, ungacabanga ukuthi kukhulunywa ngonyaka lapho umuntu ehlela ukuhamba ayovakashela amazwe aphesheya. Kodwa, asikho isidingo sokuvakashela amazwe aphesheya uma uthatha isinqumo sokuthatha unyaka wekhefu ezifudweni zakho ngoba maningi amathuba ongachitha ngawo lowo nyaka lapha eMzansi.

Ukuthatha ikhefu ezifundweni zakho kungathatha isikhathi esingangezinyanga ezintathu ukuya onyakeni ngemuva kokuphothula izifundo zakho eziphakeme noma ngemuva kokuqedela iziqu zakho. Okuyiyona nto esemqoka ngalesi sikhathi ngukuthi uthuthukise amakhono awusizo, noma ukuthola isipiliyoni somsebenzi. Kungaphinda futhi kube yisikhathi sokuzifunda nokuzazi. Ukuthi wenzani ngalesi sikhathi kuxhomekeke kulokho wena okufunayo nasezintweni ozithandayo.

Nolwazi uthi…

Ikhefu elihleliwe noma eliphoqile…

Kunezinhlobo ezimbili zonyaka wokuthatha ikhefu ezifundweni (i-gap year): ikhefu elihleliwe noma eliphoqile. Ikhefu ehleliwe yilapho uzikhethele wena ngokuzithandela kwakho ukuthatha leso sikhathi; ngokuvamile usuke uhlele ukuvakashela amanye amazwe noma uhlele ukuvolontiya. Ikhefu eliphoqile livame ukwenzeka lapho imiphumela yakho kamatikuletsheni noma izicelo zakho zaseyunivesithi zingahambi ngendlela obulindele ngayo, zikushiye nesikhathi sekhefu obungasilindele. Uma uzithola uphoqelekile ukuba uthathe unyaka wekhefu, sebenzisa lesi sikhathi ukuze ubhale kabusha umatikuletsheni wakho noma uthuthukise imiphumela yakho.

Unyaka wekhefu unikeza amathuba angavamile namava noma isipiliyoni ebezingase zikuphuthe lapho ufunda noma usebenza. Lo nyaka ukunikeza isikhathi sokuvolontiya emisebenzini oyithandayo futhi ugxile ekukhuleni kwakho. Lesi yisikhathi esihle kakhulu sokuthuthukisa amakhono akho omsebenzi wesikhathi esizayo noma ukonga imali yemfundo yakho. Uma uhlela unyaka wakho wekhefu, bheka amathuba ahambisana namaphupho akho omsebenzi. Isibonelo, uma ufuna ukuba nguthisha, cabanga ngokusebenza njengomeluleki wekamu (camp counsellor), umsizi wezemfundo (tutor), noma ufundise isiNgisi ezinkundleni ze-intanethi.

Ubuwazi ukuthi ungawufaka futhi unyaka wakho wekhefu ku-CV yakho? Abaqashi abaningi bakubheka njengento enhle loko. Phela umsebenzi onemfundo kanye nesipiliyoni ungcono kakhulu kunaloyo onemfundo kuphela. Ukuthatha unyaka wekhefu kungabonisa ukuthi unesibindi, unentshisekelo yokufuna ulwazi, ungumuntu othanda ukusiza, ikhono lobuholi, namanye amakhono.

Yini ongayenza endaweni yangakini?

I-Ditshego isebenzela umphakathi waseMooiplaas (eSpruit). Baqhuba izinhlelo ezisekelwe emphakathini ezinakekela futhi zisekele izingane ezidinga usizo. Ukuvolontiya lapha kukuvumela ukuba ube nomthelela oqondile ezimpilweni zezingane ngenkathi uthola ulwazi lomsebenzi wezenhlalakahle nokusiza umphakathi wakho.

Uma uthanda ukuzijabulisa noma imisebenzi yangaphandle, cabanga ngokuba umeluleki wekamu (camp counsellor) eSugar Bay. Lolu hlelo luyithuba elihle uma ungumuntu onentshisekelo yokusebenza nezingane futhi othanda ukuba ngaphandle. Njengomeluleki, uzosiza ekuphathweni kwemisebenzi yasekamu futhi uqinisekise ukuphepha kwezingane.

Vakashela i-ForGood ukuze uthole uhlelo lokuvolontiya oluhambisana nentshisekelo kanye nezifiso zakho. Le nhlangano ixhumanisa amavolontiya nezinhlangano ezahlukene ezingenzi nzuzo eNingizimu Afrika, kungakhathaliseki ukuthi unentshisekelo komuphi umkhaka. Ungaba nentshisekelo kwezemfundo, ezempilo, inhlalakahle yezilwane, noma ukulondolozwa kwemvelo, kunethuba lokuvolontiya elikulindele.

Hlala unolwazi ngamathuba angasiza intsha. Vakashela i-SAYouth.mobi noma i-YES4Youth. Le nkundla inikeza ulwazi ngezinhlelo ezihlukahlukene, ama-internship, namathuba omsebenzi entsheni. Ingumthombo omuhle kakhulu wokukusiza uthole loko okudingayo  ezinhlelweni zakho zonyaka wekhefu.

Bheka lezi zinkundla nalezi zinhlangano ukuze uthole ithuba elihle kakhulu lonyaka wakho wekhefu.

Imithombo

Business News Daily: Want to Take a Gap Year? 7 Ways to Make It a Productive One

Sizanani: Post matric, gap year, jobs & businesses

The Village: Post Matric Options: The Gap Year Guide

University of Witwatersrand: Managing a Forced Gap Year

Hi there, we can't wait to share our content with you. Please help us send you information that is most relevant to you.