Skip to main content Scroll Top

School-leavers: How to navigate your future (IsiZulu)

  • Home
  • Youth
  • School-leavers: How to navigate your future (IsiZulu)

Ubuwazi ukuthi empilweni yakho yonke, uyochitha amahora alinganiselwa ku-80 000 usebenza? Ngakho-ke kubalulekile ukufundela umsebenzi ozokwanelisa futhi ohambisana namakhono akho, intshisakalo kanye nohlobo lomuntu owuyena. Yisinqumo esikhulu lesi okumelwe sithathwe nguye wonke umuntu, kodwa khululeka, silapha ukuzokusiza.

1 Ngingubani mina?

Ukuze ukhethe umsebenzi okufanele kufanele uqale ngokuzazi ukuthi ungubani. Isikhathi sokufunda amabanga aphakeme, nesikhathi seminyaka elandela ngemuva nje kwalokho yisona esihle sokuzihlola nokuzazi. Awuke uthole indawo engenamsindo, uhlale phansi uzibuze le mibuzo: Ngingubani? Ngithanda ukuchitha isikhathi sami kanjani? Yini eyenza impilo yami ibe nentshisekelo kanye nenjongo? Yimaphi amakhono ami futhi yikuphi engingagqamanga kuko? Thola izimpendulo zakho kukho konke lokhu ngokwenza izinto ezihlukile ezifana nalezi: ukuzama imisebenzi emisha noma ukuvolontiya ezinkampanini ezenza umsebenzi okukhuthazayo. Enye indlela yokuzazi kangcono ngukwenza uhlolo lokuthi ungumuntu onjani, lokhu okubizwa ngama-personality test ngesiNgisi. Lokhu kuyinhlolovo ekhomba uhlobo lomuntu onguye, izinto ozithandayo, amakhono akho, ongagqamile kuko, ukuze unqume ukuthi yimuphi umsebenzi ongakufanela kangcono.

2 Yini engikwazi ukuyenza?

Kubalulekile ukukhetha umsebenzi ohambisana namakhono akho. Isibonelo: uma unekhono lokukhuluma phakathi kwabantu, umsebenzi wokuba wumethuli wezindaba noma isikhulumi esikhuthazayo ungase ube yinto enhle ongayenza. Amamaki akho esikoleni angakucabela indlela ongayihamba noma amakhono akho, kodwa indlela engcono kakhulu ukuhlolelwa ikhono (lokhu okwaziwa nge-aptitude test ngesiNgisi).

Nolwazi uthi…

Ngingalwenza kuphi uhlolo lokuzazi ukuthi ngingumuntu onjani (personality test) kanye nolwekhono (aptitude test)?

  • Ezinye izikole zinabeluleki abahlala khona – bhuka isikhathi sokubonana nabo.
  • Uma abazali bakho noma abanakekeli bakho benayo imali, hlela ukubonana nomeluleki wemisebenzi ofanele endaweni yangakini.

Kunezinhlobo eziningi ku-inthanethi zokuhlola uhlobo lomuntu onguye nokuhlolwa kwamakhono. Ezinye zingcono kunezinye, kodwa kufanele zikunikeze inkomba yokuthi ungumuntu onjani nokuthi unamakhono anjani. I-16Personalities ikusiza ekutheni ubone uhlobo lomuntu onguyena futhi isikisela imisebenzi ehambelana namakhono akho kanye nohlobo lomuntu onguyena.

Kunezikhungo zemfundo ephakeme ezahlukahlukene ezweni lonke. Zihlanganisa amanyuvesi kahulumeni, amakolishi kahulumeni e-TVET, kanye nezikhungo zemfundo ephakeme ezizimele ezinikeza imfundo yesikhathi esigcwele, yesikhashana noma ukufunda uhlezi ekhaya (distance learning). Ungakhetha futhi phakathi kwesitifiketi, idiploma noma iziqu. Ngakho-ke, ungazikhethela okuhambelana nawe ngokubhekelene nemiphumela yakho yezemfundo nesimo sakho sezimali.

Nolwazi uthi…

I-Post Matric izokusiza ngokukweluleka ngezemisebenzi kanye nokwelulekwa ngezifundo. Ungafunda futhi ngezindaba ezikhuthazayo zabantu abahlukahlukene baseNingizimu Afrika nemisebenzi abayikhethile.

I-National Career Advice Portal iyithuluzi lokuzisiza eliku-inthanethi elikusiza ukuba wenze izinqumo zomsebenzi kanye nezifundo.

Yiziphi izinto ezingivimbelayo?

Wonke umuntu unezimo zokuphila ezihlukile. Lezi zimo ziyothinta indlela okhetha ngayo umsebenzi owufunayo kanye nokunye okubalulekile.

Okuhamba phambili okwezezimali, isikhathi, nemithwalo yempilo obhekene nayo. Naku okunye okufanele ukucabange: izindleko eziphelele zemfundo yakho – ezinye iziqu zithatha isikhathi eside ukuziphothula futhi zibiza kakhulu. Ingabe abazali bakho bangakwazi ukuzikhokhela, noma ingabe udinga ukubhalisela imali-mboleko? Ingabe kunabantu obanakekelayo noma kukhona izibopho zomndeni/ezekhaya onazo? Lokhu kuyoba nomthelela lapho ukhetha indawo iyunivesithi ekuyo nesikhathi/indlela yokufunda ezokusebenzela. Kungase kudingeke ukuthi ufunde eduze nasekhaya, ukufunda uhlezi ekhaya (distance learning) noma uthathe imfundo yesikhashana (part-time learning).

Kuyokusiza ukuthi ucabange nangokuthi umkhaka womsebenzi owukhethile uyokwanela yini ukukhokhela izindleko zokuphila, izikweletu, izindleko zalabo obanakekele/obondlayo, kanye nezinye izindleko. Okokugcina, uma ungumuntu okhubazekile, kumele wazi lokhu: ezinye izikhungo zemfundo ephakeme zifinyeleleka kalula kunezinye – ngakho-ke yenza ucwaningo lwakho kusenesikhathi.

Yebo kuningi okumele ukukhethe, kodwa ungakuvumeli kukudide ingqondo! Khumbula, usenesikhathi.

Hi there, we can't wait to share our content with you. Please help us send you information that is most relevant to you.