Uzizwa kanjani lapho ucabanga ngempilo yakho ngemuva kukamatikuletsheni? Ingabe uzizwa ujabule noma wethukile?
Kungenzeka ukuthi awusakwazi ukulinda uze ufinyelele kulokho ofuna ukukwenza ngemuva kukamatikuletsheni. Mhlawumbe ulangazelela ukuya enyuvesi, ukuthatha unyaka wekhefu, noma ukuthola umsebenzi ukuze ukwazi ukuqala ukwenza imali. Noma mhlawumbe umcabango nje wokwehlukana nabangane bakho ukwenza uzizwe wethukile futhi ukhathazekile? Impilo emuva kukamatikuletsheni ingaba ngejabulisayo uma nje ukhetha ukuyibuka ngalelo so.
Khumbula: Okubalulekile yikona okufanele kuhambe phambili. Okuyiyona nto ebaluleke kunazo zonke ezinye, ngaphandle kokuphasa umatikuletsheni wakho, ukubheka izinketho onazo bese uthola ukuthi yini ezokusebenzela kangcono wena.
Nalu uhlu olulungele labo abaphothula izifundo zabo, oluzokusiza futhi lukulungiselele lo mdanso esiwubiza ngokuthi yimpilo!
1 Zazi
Cabanga ngalokho okufunayo ngaphambi kokwenza izinqumo ezikhulu. Yini onentshisekelo yayo? Lesi yisikhathi esihle kakhulu sokuhlola izinto ozithandayo futhi uzibekele imigomo.
- Zibuze: “Yini engithanda ukuyenza? Yini engilethela injabulo?”
- Yazi amandla amakhono akho. Yini ongungcweti kuyo? Yini okwazi ukuyenza kalula abanye abangase bakuthole kunzima ukuyenza?
- Zibekele imigomo yesikhathi esifishane neyesikhathi eside. Uzibona ukuphi ngonyaka ozayo naseminyakeni emihlanu ezayo?
- Zitholele umeluleki. Kungaba yinoma ubani omethembayo futhi ongakuqondisa kulolu hambo oluya empumelelweni. Kungase kube yilungu eliphakeme lomphakathi, umeluleki ngezempilo (life coach) noma umuntu osebenza kumkhakha owuthandayo.
2 Cabanga ngezinketho onazo
Nakuba ingekho indlela “elungile” okumele uyilandele ngemuva kukamatikuletsheni, kuyasiza ukuba nezinto ezimbalwa ongakhetha kuzo ukuze ungazitholi usuwenza “noma yini”. Ake sixoxe ngezinye zezindlela ongakhetha kuzo:
- Wenza njani uma ungenaso isitifiketi sikamatikuletsheni? Ungakwazi ukuphinda ubhalise esikoleni sakho noma kwesinye isikole, e-Further Education & Training Institute noma ufunde uhlezi ekhaya (distance learning). Uhlelo lwe-Second Chance loMnyango Wezemfundo Eyisisekelo luyakuvumela ukuba uthuthukise noma uqedele izifundo zakho zikamatikuletsheni, ngesifundo ngasinye, noma ngemfundo yesikhashana ngaphandle kwezindleko ezengeziwe.
- Ingabe ufuna ukufunda? Kunenqwaba yezikhungo zemfundo ephakeme ongakhetha kuzo – kusukela emanyuvesi, emanyuvesi ezobuchwepheshe (university of technology), ama-TVET, namakolishi azimele, kuya ekuzifundeleni ekhaya (distance learning) kanye nezifundo ezimfushane eziku-inthanethi (short online courses).
- Ukungena kwezinye zalezi kuncike kumamaki akho kamatikuletsheni. Izindleko ziyahlukahluka futhi zixhomekeke kulokho okufundayo neminyaka yokufunda, nokuthi ufunda uhlala ekhaya noma kufanele uthuthe.
- Awukathathi isinqumo? Ungase futhi ufune umsebenzi, uqale ibhizinisi lakho, ufune i-learnership ekhokhelayo noma uthathe unyaka wekhefu.
Nolwazi uthi…
Khumbula ukugcwalisa izicelo bese uzithumela ngaphambi kwesikhathi esibekiwe. Faka isikhumbuzi ocingweni lwakho, kube yiviki ngaphambi kosuku okuvalwa ngalo.
3 Hlela amaphepha akho
Akukhathalekile ukuthi ufaka isicelo eyunivesithi, uthatha unyaka wekhefu noma uthola umsebenzi, uzodinga amaphepha aphrintiwe noma edijithali.
- Landa isitifiketi sakho sikamatikuletsheni.
- Gcina amakhophi emiphumela yakho yasesikoleni.
- Faka isicelo sokuthola umazisi e-Home Affairs. Futhi ube namakhophi aqinisekisiwe omazisi wakho nobufakazi bokuthi uhlala kuphi (ungasebenzisa ikheli labazali bakho/lomnakekeli wakho).
- Uma ufaka isicelo senyuvesi noma somsebenzi, thola izincwadi zokutusa ezivela kothisha noma kwabanye abeluleki.
- Ilayisense yokufunda ukushayela noma yomshayeli ayibalulekile kangako, kodwa ingenza impilo yakho ibe lula futhi ikhulise amathuba okuthatha unyaka wekhefu nawokuthola umsebenzi.
- Iphasiphoti (uma uhlela ukuya phesheya.)
4 Sebenzisa imali ngokuhlakanipha
Ukukwazi ukusebenzisa kahle imali kubalulekile ukuze uqonde ukuhlela kahle izidingo zakho zemali, ukulondoloza nokulawula izindleko.
- Funda ngezindlela zokulawula imali yakho lapha. Sinezihloko ezikhuluma ngezinto ezihlukahlukene, kusukela ekuhleleni imali kuya kwezamabhizinisi.
- Uma ufuna ukufaka isicelo sosizo lwezezimali ukuze uqhubeke nezifundo zakho, qiniseka ukuthi uyazi ngezimali-mboleko zokufunda nezinhlelo zazo zokukhokha.
- Vula i-akhawunti yasebhange.
Nolwazi uthi…
Uma ungenalo ucingo, idatha noma i-Wi-Fi ekhaya, vakashela imitapo yolwazi yomphakathi endaweni yangakini. Imitapo yolwazi ivame ukuba ne-Wi-Fi nokusetshenziswa kwamakhompyutha namaphrinta mahhala noma ngezindleko ezincane.
5 Khulisa amakhono ayisisekelo okuphila
Akukhathalekile ukuthi yini oyikhethayo empilweni, la makhono ayisisekelo ayohlala ewusizo:
- Funda ukupheka, ukuhlanza indlu nokwenza eminye imisebenzi yasendlini.
- Siza umndeni noma abangane ngokunakekela izingane zabo. Ukuba nesipiliyoni sokunakekela izingane, kuyohlala kukusiza ezintweni eziningi.
- Ukuhlonipha isikhathi nokuba nekhono lokwazi ukuhlela impilo yakho kubalulekile. Funda ukubeka izinto ezibalulekile phambili, ufike ngesikhathi kumaphoyinti akho, futhi usebenzise i-diary noma ikhalenda ukuze ukhumbule izibopho noma izethembiso zakho.
- Ukuba nekhono lokwazi ukukhuluma nokulalela kubalulekile esikoleni noma emsebenzini. Thuthukisa ikhono lakho lokuveza imicabango ngokucacile futhi ulalele ngenkuthalo.
- Volontiya kumkhakha owuthandayo. Kuyindlela enhle yokusebenzela umphakathi wakho ngenkathi uzijwayeza amakhono okuphila futhi uhlangana nabantu abanomqondo ofanayo nowakho. Umsebenzi wokuvolontiya wesikhathi eside ku-CV yakho nawo ubonisa ukuthi ungumuntu okwaziyo ukuzibophezela.
Ukuqeda isikole kuwushintsho olukhulu empilweni, kodwa futhi kuyithuba elimangalisayo lokwakha ikusasa lakho. Akukhathalekile ukuthi uya eyunivesithi noma uya ngqo emsebenzini, khumbula ukuthi lolu hambo lungolwakho wedwa. Yiba nelukuluku, ungesabi ukufuna usizo, futhi wamukele lokho okuzokwenzeka. Angeke wehlulwe lutho!
Eminye imithombo yokufunda
Imithombo
Health and Welfare Sector Education and Training Authority: Guide to Leaving School
Post Matric: Guidance: Where to next? Plan your future
Praxis: What To Do After High School: A Comprehensive Guide
Vuk’uzenzele Newspaper: Post-matric opportunities for youth


