Skip to main content Scroll Top

Umehluko phakathi kokonga, ukutshala Imali, nokugembula

Ukonga, ukutshala nokugembula kusebenzisa imali konke, kepha akufani.

Ukonga  ukuvikela imali ongase uyidinge maduzane. Inhloso yokonga ukuphepha nokuba lula ukuyithola, hhayi ukukhula okukhulu kwemali. Isibonelo, imali ehlezi’ebhange, nomakwi-gumbii lokonga noma  egunjini le-money market ivame ukusetshenziselwa izimo eziphuthumayo, izidingo ezisheshayo  noma izidingo zemalii. ubungozi bokulahlekelwa yimali yakho buphansi, nokukhula kwemali yakho nakho  kuncane.

Ukutshala imali kukhulisa imali esikhathini esimaphakathi ngokuyifaka ezimpahleni ezifana namasheya, amabhondi, izakhiwo noma izimali ezihlukene ezihlanganisiwe. Inhloso ukuthola inzuzo ngokuhamba kwesikhathi, nakuba kufanele wamukele ukuthi inani lemali oyitshale lingakhuphuka noma lehle esikhathini esifushane. Ukutshala imali ngendlela efanele kusekelwa ucwaningo, ukuhlukanisa ubungozi, ukubekezela isikhathi eside kanye nokuqaphela ubungozi.

Ukugembula ukubeka imali emiphumeleni engaqinisekile, okuvamise ukuncika enhlanhleni, futhi kunobungozi obukhulu bokulahlekelwa yimali yakho. Inhloso ukwenza inzuzo ngokushesha. Ukugembula akufani nokutshala imali, uma ugembula awakhi inani langempela,  ngoba akusekelwe ekubeni ngumnikazi wezimpahla, futhi amathuba amaningi akhelwe ukuvuna indawo yokugembula (ikhaya lokugembula). Phela, yile ndlela abenza ngayo inzuzo.

Nasi isibonelo sa Onke, uAnathi, noPuleng, abanemikhuba ehlukene ngemali. Lemifanekiso ichaza ukuthi kungani, ngokuhamba kwesikhathi, ukonga nokutshala imali kuyizinqumo ezihlakaniphe kunokugembula.

Ukufunda okwengeziwe
The math behind gambling: Why the house always wins

iLinganiso Ababalulekile
Gamblers Anonymous
South African Responsible Gambling Foundation (Ukwelulekwa kwamahhala)

Imifanekiso akuvidiyo enzelwe ukubonisa nje kuphela. Adalwe kusetshenziswa ubuhlakani bokwenziwa iAI.

All our content is made possible through the valued support of our Consumer Financial Education (CFE) funding partners.

All content is for general educational purposes and does not constitute formal financial advice. Always consult a qualified, licensed financial professional before making any financial decisions.

Atleha-edu
Hi there, we can't wait to share our content with you. Please help us send you information that is most relevant to you.