Kungenzekani uma isinqumo esincane osenza nsuku zonke singashintsha isimo sakho semali?
Kule nyanga, ngaphambi kokubheja faka eceleni yona leyo mali obuzoyibheja. Leyo yinselelo.
Kubalulekile Ukuqonda umehluko phakathi kwemali ongase uyithole nemali onayo. Ukuwina kuzwakala kukuhle engqondweni yakho, kodwa akuyona imali esesandleni sakho. Ukugembula kubeka imali yangempela engozini ngenxa yento engaqinisekile ngayo. Ukonga ukufaka imali yangempela ephaketheni lakho nsuku zonke.
Inhloso ilula: yonga imali ethile nsuku zonke kuze kube izinsuku ezingu-30. Ngisho noma ngabe u-R5 ngosuku uba u-R150 ekupheleni kwenyanga futhi lokho kuqinisekile.
Ukubheja u-R5 nsukuzonke kungase kungabonakali kukukhulu, futhi ungase uwine kwesinye isikhathi. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, abantu abaningi abagembulayo balahlekelwa kakhulu kunalokho abakuwinayo. Ukonga leyo R150 kukunika imali onesiqiniseko ngayo ongayisebenzisa. Ukuwina ekubhejeni kuwukuthi “mhlawumbe”.
Awudingi lutho oluzokuxakekisa. Khetha okukodwa:
- Vula isikhwama sokonga ku-app yakho yasebhange
- Sebenzisa i-app yamahhala yokuhlela imali efana ne-Vault22 ukulandelela ukonga kwakho kwansuku zonke
- Thatha ibhodlela lesiphuzo elingu-2L bese uqala ukufaka izinhlamvu zemali ngaphakathi
Okubalulekile ukuzimisela nokungayeki. Gcina imali eskwameni sakho sokonga ku-app yakho yesebhange. Ikhula ngokushesha kunalokhu okucabangayo. Imali okulula ukuyithola futhi ukuyisebenzisa.
Amathiphu okukusiza uqhubeke kahle:
- Beka isikhumbuzi sansuku zonke sokonga
- Landela ukonga kwakho ngisho nencwadi yokubhala iyasebenza
- Qala kancane; ukuzimisela kubaluleke kakhulu kunesamba semali
- Cela umngani ukuthi ahlanganyele nawe ukwesekana kuyasiza
Ishumi neshumi ologayo liyisinqumo. Isinqumo sokuhlehla ekuncikeni enhlanhleni kepha ugxile ekwakheni into yangempela. Landela impumelelo yakho encane. Yigubhe. Yandise. Usuku ngalunye olongayo luyisibonakaliso sokuthi ulawula ikusasa lakho.
Landa ishadi lokonga ukuze uqale namuhla
Nomnikelo explains….
Ubuwazi?
Gcwalisa ibhodlela lesiphuzo elingu-2L ngezinhlamvu zika-R2 uzoba cishe no-R2000. Uma usebenzisa izinhlamvu zika-R5 ungonga phakathi kuka-R3000 no-R5000 kuya ngokuthi ligcwala kangakanani!
- Hlanza ibhodlela elingu-2L
- Sika imbobo encane phezulu
- Faka izinhlamvu zemali noma amanothi nsuku zonke
- Libhale ukuthi “Isikhwama esingathintwa”
- Livule kuphela uma seligcwele!
Ukhathazekile ngokugembula kwakho? Xhumana ne-South African Responsible Gambling Foundation:
WhatsApp: 076 675 0710
Inombolo yamahhala: 0800 006 008
I-imeyili: helpline@sargf.org.za
Ukufunda okwengeziwe
Saving vs investing vs gambling
The math behind gambling: Why the house always wins
The house always wins
Imithombo
Maya on the Money: Crazy ways to save money
Briefly: “Coins and Notes for Days”: Woman’s Creative Back-to-School Money-Saving Hack Goes Viral
Funded by


